Sub Categories

Indlela omkhulu ngayo kuthatha amahora amabili ukuthi ungene emotweni

Loading views...



uMama Wengane Une Lungelo Lokufonela uBaba We Ngane Ngo 00:00 Ebusuku Asho Ukuthi iNgane Iyazamula

Loading views...

Whites: “The Expendables.”

Blacks: ” Le movie enez’tarring zodwa.”

Loading views...


Dear Coca-Cola

Ngithi anginazise ukuthi laba bantu enibasebenzisa kwizikhangisi zenu bayangichaza. Indlela abalibamba ngalo ibhodlela leCoke elibanda mpo, nendlela abalivula ngalo bese bephuza mlibe sengathi yikameli lasogwadule iSahara. Baphuza bankunkuluze ngebhodlela bephakamise ubuso kancane sakubheka elangeni, amehlo evaliwe kamnandi, begwinya lesi siphuzo imiphimbo yabo inyakaza kamnandi ngomgqigqo engihluleka ngisho ukuwuchaza. Bese bethatha ikhefu babuke ibhodlela ngamehlo anothando bemamatheka, basuke lapho belesule umjuluko ngesithupha.

Cha, nami-ke ngiyile esitolo ngafike ngacela iCoke ebandayo. Ngendlela ebengome ngayo, bengizimisele ukuyiphuza kube sengathi ngishutha isikhangisi seCoca-Cola lesi esengisichazile ngenhla. Bengizoyiphuza sengathi ngiphuza amanzi emva kokuzivocavoca kanzima ejimini.

Hhayi-ke, ngibe sengihlala phansi ebhentshini eduze kwesitolo ngase ngilivula ibhodlela lami. Ukube bekukhona ongibonayo, ubengafunga agomele ukuthi ngishutha isikhangisi sonyaka! Besingakawi naphansi isivalo, kodwa ngikutshela ukuthi ibhodlela bese ngilixhumile kowami umlomo. Ngizamile ukuyinkunkuluza (njengalabo bantu benu engibabona kwizikhangisi), kodwa ngasheshe ngaxhilwa amagwebu engingazi ukuthi aqhamukephi. Le Coke yenu, igcine seyiphuma ngamakhala kanti futhi enye ingene ngomgudu o-wrong yafika emaphashini. Ngikhwehlele kwaze kwacishe ukuphuma inhliziyo, nomphefumulo wami bese ngithi uyaphuma impela! Le system yami yokuphefumula ibihlangene nezimbila zithutha, inhliziyo yami bese isho ukuma nse. Amehlo ami kade esebomvu tebhu, izinyembezi zigeleza. Amakhala ami esemanzi amafinyila. Bese ngithi ngiyafa, umzimba wami ushukuma. Ubuso bami bonke, ihembe lami nebhulukwe emathangeni ngimanzi nte yile Coke. Amathe, amafinyila, nezinyembezi. Ukufa ngikubone ngamehlo, ithuna lami ngijike endleleni sengilibonile ngo-“see”. Leli kahle kahle yicala lokuzama ukubulala. Isikhubekiso soqobo empilweni yami.

Kuyayiwa kubo kaJesu ngiyanitshela! Liyothethwa leli cala. Ngethemba usathane ubhizi utheza izinkuni azonilothisa ngazo esihogweni ngoba liyonilahla leli cala.

Yimina owenu
(obengumthandi weCoca-Cola, but not anymore)

Loading views...


Ngaze nganebhadi bo, ngikhalelwa yindoda ithi kushone umama wentombi yayo, ibizwa nganike lento?

Loading views...


Okungama 2000 ngiyakubuka nje kujabulela u VusiNova thina simazi kudala esawu Vusi Ximba esacula lengoma ethi “isalukazi sigcoba iglecerina Kant ebusuku sijola nabafana”

Loading views...

Usuke ubalekelani Uma kunetha imvula
Noma ungay’shiya vele?

Loading views...


Ngathi kungawa I truck ya ma relationship a serious .
Ngiye ngiyoDobha Dobha

Loading views...


Uthi unendoda usho intengaphuz ….
.
.
.
.
.
.
.
.
.let’s not argue… Ucc wakho loyo

Loading views...

I don’t know. Ngijolelwe umayfohloza wami ngafika simsebenzisa isgola ,ngathi suka lana wena ! awazi thina siyazigulela kungabe ngiyakuphihliza manje ukuthi ngihlonipha umthetho we social distance 😂

Loading views...


Manje uthi u Nkulunkulu 🙏 akashiye
Bonke abagulayo 🤮 ezibhedlela 🏥
Afunele wena Indoda 😏🤷‍♂️

Loading views...

Kodwa ungibulale lani ngensini.Yazi kade ngidla istambu esino bhontshisi oyinqwaba kabi, yazi ngizosuza

Loading views...

Thina majita masithi syanithanda sisuke sinqamulela siqonde ukuthy siyani thanda*zela) yingakho ekugcineni sidlala ngani

Loading views...