Sub Categories

NELLY : Sizwe’s phone hello😐
*Zinhle: hi ngicela ukukhuluma no Sizwe😐
*NELLY : sorry usalele ngicela ubuye ufonele later😐
*Zinhle : ngikhuluma nobani vele?😐
*NELLY : mina ngu NELLY intombi yakhe😊
*Zinhle : OK ngicela ungitshelele yena ukuthi U Zinhle intombi yakhe yase Zakheni bekafonile and bengithi ngiyeza ngizomenzela i washing😊
*NELLY : don’t worry dear sengiyenzile sengi ayina i uniform yakhe manje, ohh uwena oshiye le gown e pink la?😊
*Zinhle : yebo eyami ngicela ungibekele yona kahle nama sleepers😊
*NELLY : OK by the way ngibona nama pillow case amasha la😊
*Zinhle : yebo ngiwathenge last week e street sheet ngo R500😊
*NELLY : OK ngizoknika u R250 kanye nemali ye taxi wona mahle shame une taste girl😊
*Zinhle : thanx ngicela utshele uSizwe ukuthi ngizombona next week😊
*NELLY : why ngezi kusasa ntambama ngoba mina ngizohamba ekseni😊
*Zinhle : OK dear bye then😊
*NELLY :bye bye love😊
IMPILO KUMELE IBE NJE ANGITHI LADIES NEH



Exam iqalile🕓
Ipeni lithengiwe✏
Uthisa ungenile👵
Iphepha lifikile📑
Pakish’imbuzi uvele uphase📝📚
Asphaseni !!!😻

After a good night:
White ladies: Thanks a lot dear it was a marvelous nyt.
Black ladies: eishhhh umuntu nxa esuka lapha mele ayedlula eSalon.


umuntu abenomona ngisho usukhwehlela
Aibo aniyeke umona
✋✋✋


Sebeqalileke bathi amaresult wabafundi bakwa Nongoma alandwa eNduneni


Ikhale ifon etaxin sithule sonke sifun ukuzwa iindaba umuntu avele athi “NgiseTaxin sokhuluma uma ngehla” obani ubunja ngampel?? 😤

The fact the cheaters is coming to South Africa doesnt shake nakancani… I will just buy a camera man a 2litre coke and chips then he shoot ampty chairs… Welcome to Sata Frika wena…


UMkhize noMaDlamini bashadile balele
uMaDlamini aphuphe aze aphumisele athi ”Vuka! Vuka! Vuka! Indoda yami isiyabuya isendleleni.” uMkhize avuke aphume ngewindi uma esephandle ubuye umqondo ukuth ukwakhe…
Ubani oCheatayo phakathi kwalaba bobabili?


Iwayini elidayiswa ngebhokisi akusilona iwayini, njengoba ne-Ricoffy kungesilona ikhofi.

Inbox location yakho uma ufuna silwe.

“Lizbethe mngani,

Ngithi angikulobele le migqa embalwa ngikwazise ngesimanga esangehlakalela ngeSonto eledlule.

Phela ngangiphuma enkonzweni ngalolu nyanyavu engaluthengelwa nguThibhoz noMdelwa, ngadlula kulesi sitolo esidayisa izincwadi zamaKhrestu (Christian bookshop). Ngangiyofuna iBhayibheli elisha njengoba leli ebengilisebenzisa linamakhasi angasaphelele.

Nakhu-ke phela sengibona le bumper sticker ebhalwe ukuthi: HOOT IF YOU LOVE JESUS. Ngisithenge, kwazise phela ngangivuselelekile enkonzweni. Ngiphume estolo ngiyonameka le sticker ngemuva ebhuthini, qede ngingene emotweni neBhaybheli lami elisha.

Indaba phela seyenzeka sengifika erobhothini, ngifike libomvu, ngime. Angibonanga noma selishintshile irobhothi, phela ngangisathathekile yinkonzo yangalelo langa. Ngizwe imoto esemva kwami ihutha, ngivele ngewindi ngiphakamise isandla ngibingelela.

“Jesus Christ! Go, go! Just go!” kusho lo mlungu osemva kwami.

Ngajabula ukuzwa ukuthi uJesu uhamba phambili kule ndawo. Zonke izimoto ezazisemva kwami zase zihutha lokhu okumangazayo, kwangijabulisa ukubona uthando olungaka lwabantu bekhombisa ukuthanda uJesu. Ngaphakamisa isandla ngikhombisa injabulo, ngathi ngiphosa amehlo erobhothini ngalibona selibomvu futhi.

Ngezwa enye indoda ithi: “Sunny beach.” Ngabona ukuthi ungowaseThekwini, nakhona bayamthanda uJesu. Omunye umshayeli wangivezela umunwe ophakathi nendawo, ngabuza umzukulu wami uPapi owayehleli ngemuva ukuthi kusho ukuthini lokho. Wathi yi-sign yaseMelika esho ukuthi uJesu umthanda ngenhliziyo yakho yonke. Nami-ke angibange ngisapholisa amaseko, ngamvezela owami umunwe lo mlisa.

Ngabona bonke abantu bephuma ezimotweni zabo beqonde kimi. Ngathi ngithi nhla erobhothini, ngathola umbala uluhlaza. Ngabona kungcono ngihambe, ngaphatheka kabi nokho ukushiya abangani bami ngemuva. Ngicabanga ukuthi babefuna ukuzobuza ukuthi ngikhonza kuphi.

Ngathi ngiqeda kusuka nje, lashintsha futhi irobhothi laba bomvu, kwangiphatha kabi lokho ukuthi abangani bami ngibashiya ngemuva ngasuka ngedwa. Ngabona kungcono ngibavezele umunwe okokugcina, ukubakhombisa ukuthi uJesu ngimthanda kangakanani. Lapho-ke wavele waphela yinsini uPapi, ngicabanga ukuthi wayechazwa yile ndlela emnandi kangaka ye-sign language yaseMelika.

Ngethemba ukuthi ngiyophinde ngibabone labaya bantu abanomusa kangaka, sizoxoxa ngezwi leNkosi.

Yimina,
uTryphina”


Whites: ATM
Zulu’s: Mshini
Whites: Hair clipper
Zulu’s: Mshini
Whites: Washing machine
Zulu’s: Mshini
Whites: Pencil sharpener
Zulu’s: Mshini
Whites: A beautiful car
Zulu’s: Mshini
Whites: Jacob Zuma
Zulu’s: Mshini
Whites:Pussy
Zulu’s :Mshini
.
Kante yini vele !

Kade ngyokhongela umngani wam last week. Uma aifika laphayana bathe sibe late nge one week, kukhona abasi over(thakhile) bafika kuqala bazishaya zonke manje ngeke sisakwazi ukuqedela. Enzenjan umnganam?