Sub Categories

CHRISTMAS HLAYA #2

USthera wayesanda kuthola ilicense yakhe yokushayela wase enquma ukucela kubaba wakhe ukuthi amthengele imoto kube yisipho sakhe sikaKhisimusi – kwakusasele izinyanga ngaphambi kukaKhisimusi.

“Kulungile,” kusho ubaba wakhe, “kodwa ngifuna kube nezinto ongenzela zona kuqala. Uma ungathola o-A ezifundweni zakho, ulikhuthalele iBhayibheli bese ugunda lama dlodlombiya ezinwele zakho mhlawumbe ngingasicabangisisa isicelo sakho.”

Kwadlula izinyangana, wabuyela kuyise uSthera.

“Kuyangithokozisa ukubona ukuthi ezifundweni zakho ushaya ngo-straight A’s ndodana, futhi nezifundo zakho zeBhayibheli ziyagculisa. Yize kunjalo, ngiyadumala ngezinwele zakho ongakazigundi.”

Ngoba uSthera wayeyinsizwa ezihlakaniphele futhi enezimpendulo kuyo yonke imibuzo waphendula uyise wathi: “Buka la baba, ezifundweni zami zeBhayibheli ngiqaphelile ukuthi emifanekisweni kaJesu, Moses, Samson kanjalo noJona uMbhabhadisi, bonke babenezinwele ezinkulu.”

“Yebo ngiyakwazi lokho,” kuphendula uyise, “kodwa uqaphelile ukuthi babehamba ngezinyawo noma ngabe beya kuphi?”



CHRISTMAS HLAYA

Abaningi abazi ukuthi uDombi unkosikazi kaThibhoz wathola uMgwaja bengakashadi. Wayeneminyaka engu-16 uDombi ngenkathi umama wakhe eya naye kwadokotela. Wayekhala ethi uyagula uDombi.

“Yebo-ke mama, ngabe yini inkinga?” kubuza udokotela.

“Yindodakazi yami egulayo dokotela,” kuchaza umama kaDombi, “uDombi lo usenokuhalela ukudla esingajwayele ukukudla ekhaya, futhi usekhuluphele mumva nje futhi ungitshela nokuthi uzizwa engaphilile njalo ekuseni.”

Axilonge uDombi udokotela. Uthe lapho eseqedile, waphendukela kumama kaDombi wathi, “Angazi ngizokutshela kanjani lokhu mama, kodwa indodakazi yakho kubukeka sengathi ikhulelwe. Zine izinyanga uma ngibheka nje.”

“Ukhulelwe? Kanjani? Akakaze ashiywa yedwa nomuntu wesilisa! Ngabe ukhulelwe ngempela Dombi mntanami?”

Athi uDombi, “Cha mama, angikaze ngayiqabula ngisho ukuyiqabula indoda!”

Udokotela ahambe aye efasteleni, alunguze ngaphandle kuze kuphele cishe imizuzu emihlanu yonke. Ekugcineni aze akhulume umama kaDombi athi, “Ingabe kukhona okungahambi kahle dokotela, lapho ngaphandle?”

Aphendule udokotela, “Cha, akukho mama. Ukuthi nje ngesikhathi igcina ukwenzeka into enjengalena, kwavela inkanyezi empumalanga kanye namadoda amathathu ngaleya kwentaba. Angifuni ukuphuthelwa this time!”

Manje wena nkunzi nakulo khisimusi uyophekelwa abafazi babafowenu?

Awusemdala!!!! Ngisho wena, don’t scroll down zinzwane zenja


Ngaze ngabhoreka, ๐Ÿ˜ฉ la ekhaya abasangithumi noma ingo-R200 nje, bagcwale nge-ghost. ๐Ÿ˜Ž


Nithi nisahlezi kahle ebumnandini, kuphathiswe umuntu wakho ibhodlela, abuye engaliphethe athi: “Kuthiwa kushoda u-R4.”


Ngiyavuma nizongiphuzisa namuhla, kodwa musani ukungisabisa ngokuthi: “Sizokushiya uma uphapha

Mina angeke ngikhontrolwe yikhalenda, never! ๐Ÿคš๐Ÿฝ
Futhi nje, happy Valentineโ€™s Day bathandi bamahlaya esiZulu.


UTira uthi uzovula iqembu lakhe likamaskandi next year, AmaTira Amahle.


Ayikho indoda eyenzana i-profile picture, ngaphandle uma wena nonyoko nazi ukuthi nayenzani ingane yabantu. ๐Ÿค”


Ukufunda incwadi phansi kwesihlahla kuhle, kodwa kubuhlungu kwisihlahla sikubona uphethe umngani waso ngesandla.

Ma-2000, aniwakhumbuli nje la maxoki uma esethi: “Umsindo wenu ngiwuzwa ngile e-staff room!” ๐Ÿ˜