Sub Categories

Nyweee Nywee, mina ngiyalishaya ibhodwe.
Kodwa ushubisa ucurry wechicken nge thini likaFish.
Khohlisa abangazi.



Syayibona le khompy yakho yokuthi ubukwi maternity leave ja good.Kuphinde Kube ile yokuthi kade uhlezi endlini ukhothwa omaMlambo great.Yabonake kukhona le.. yabona le khompy engathi inkukhu enokhuphe.Le khompy esolisayo yokuzakhela, awazi noma bekade udlala ngoFlour noma uvuke emakhazeni ,uyathusa.

Ukhala ngokuthi umthukile Uma ethi unuka njengama sokisi eSecurity.Anuka kanjani vele,wena oseduze kwalo.

Engathi kuzomele siyoxolisa kuGogo kaLihle ngoba lokhu umuntu amhleka, izinto aziphindange zalunga.


Ur busy ungicelana no kiss, usunyonyobela ukungi Covida


Yeyi maan,beningasiyeki ngani sbulalane,
kusho uDlamini bemlamulela kade ekinywa umakhwapheni esekweqe namehlo.


Izolo emva kokusukumiswa kukaGumede nenkondlo emngcwabeni, wezwakala ethi,
” Kufa wingq…..za !!!
Akazange ayiqede kwayileyo nkondlo yakhe wahlaliswa phanzi.

Hau ishwa phela leli, noma ngithi ibhadi elikhethelwe mina nje today.Haiybo….kanti uJanuary unjani, kusawukweyisa noma ukuxakeka lokhu, nangu umfana ezongidayisela ikati.Ngithi ngiyabonga bhuti wami,asinawo amagundwane layikhaya, uthi “pls lithathe ngizowaletha ntambama….”amagundwane”….


Emhlabeni wonke jikelele.Heiy..
akekho umuntu onenkani ukudlula impohlwa.


Lento yokungabi noWife iyabheda. Ucabange wedwa ugcine uhluleka,
kungene umqondo wempohlwa lo onenkani ongaphikiswa.
Ngoba ungekho umqondo wesibili.


Ngihlezi eduze kukaBongumusa, yazi usaphuze 2-3 nyana wasukuma ethi uyochama wawa, Manje bathi laba akahambe ayolala ngoba usedakwe kakhulu, wathi uyachaza ukuthi uwe ngephutha, bathi akabuyeke buyamdelelisa njengoba ephikisana nabo. Usedakiwe akaye kolala.

Wena awuve ukuthanda okuza ngakuwe, nje ngoba usebenzisa amandla abanye abantwana. Nabo balambe esiswini. Yeka ukuba selfish.