SIKUJWAYELE LOKHU NJENGABANTU ABAMNYAMA:
–
1. Silobole kuphele 5 years, umshado dololo.
–
2. Abazihluphi nge-divorce, they just separate for the rest of their lives.
–
3. Bahlezi be-late emasontweni, emsebenzini and everywhere else ngaphandle uma kuyiwa ebumnandini, especially when “Club entry is free before 11pm.”
–
4. I-Diabetes siyibiza ngoshukela.
–
5. I-toothpaste yonke ekhona ibizwa nge-Colgate.
–
6. Ubathola be-driver imoto etown, ivuliwe amawindi ngisho kuthiwa liyana ngoba befuna ukubonwa or umuntu abamaziyo khona bezombingelela.
–
7. Emicimbini baswenka beconse khona bezobukwa, kodwa abafiki nazipho (presents).
–
8. Umndeni nomndeni kuba khona isihlobo esine-criminal record.
–
9. Uma befa bashiya izikweletu, engabe bashiya amafa.
–
10. Uma bephukelwe yifriji balenza ikhabethe.
–
11. Uma begugelwe yiphentihosi balenza iduku.
–
12. Ushaye u-callback uthi ungibhazile.
–
13. Ugugelwe yithawula ulenze isikorobho.
–
14. Isitsha se-Rama siphatha ngaso ukudla emsebenzini.
–
15. Steelwool senziwe u-cricket.
–
16. Umbhede usekwe ngezitini.
–
17. Ibhodlela le-mayonnaise siliphendula ibhodlela likasawoti kumbe lika-curry powder.
–
18. Sigeza sizikhuhle ngesaka lama-orintshi.
–
19. Ama-corn flakes kuthiwa ama-Kellogs.
–
20. RSVP, asiyazi leyo nto. It’s either siyafika or asifiki, usuyobona nawe.
–
21. Sithenga izicathulo ezibizayo bese sihlobisa nge-cardboard lakhona.
–
22. Container ye-yoghurt 1kg uma isiphelile sifaka kuyo steelwool, skirpoto nensipho yokugeza izitsha.
–
23. Isaka lempuphu liphenduka ivovo lokuvova utshwala besintu.
–
24. Isigubhu se-Powerade siphatha ngaso i-juice esikoleni. (Phika phela)
–
25. Isigubhu sika-2 litha we-juice/wamasi sifaka kuso imbiza yokuchatha.
–
26. Uma kuphela impuphu sibiyele ingadi ngesaka lempuphu.
–
FAKA OKWAKHO NAWE SIHLEKE SONKE