Umfundisi uDube wayedlala igalofu noMdelwa ngenye imini, ngebhadi uMdelwa kwakungamlungeli kwigalofu. Kwakuthi lapho egeja umgodi athi, “Shit, ngageja!”
–
Baqhubeka badlala, kwathi emva kwezikhawu eziningana elokhu esho kanjena uMdelwa lapho egeja umgodi; wahluleka ukuzibamba umfundisi uDube wathi, “Ngicela ungakhulumi kanjalo mzalwane, ngale kwalokho uNkulunkulu uzokujezisa.”
–
Axolise uMdelwa umdlalo uqhubeke. Kwathi eqeda kuxolisa nje waphinde wageja komunye umgodi, wase ephahlukile, “Shit, ngageja futhi!”
–
Wayelokhu esho kanjalo emigodini emithathu elandelayo. Wayeseqala ukuthukuthela okaDube manje ngenxa kaMdelwa wase ethi, “Ngicela ungizwe kahle mzalwane, luyeke njengamanje lolu limi olukhulumayo. UNkulunkulu uzokuzwa bese ekujezisa!”
–
Lokho akuwenzanga umehluko, uMdelwa wageja umgodi olula ibhola legalofu liseduze nomgodi. “Shit! Ngageja futhi.”
–
Ngawo lowo mzuzu kwavuleka isibhakabhaka kwaphuma umbani washaya umfundisi uDube waphangalala khona lapho.
–
Makhathaleni kwezwakala izwi elikhulu esibhakabhakeni lathi, “Shit, ngageja!”