Girls please, aniyeke le nto, iyiscefe. ☝🏽
Alright, kush’ukuthi bengivakashelwe uZinhle lana wakwa-D eMlazi. Ufika nje ngephula uphuthu estofini, ngiqeda nje ukul’pheka. Ngase ngithi ngoba sekufike wena awusale usuqhubeka upheke u-curry, vele bese ngiyisikile i-beef.
Kuthe kusagxabha kanjalo estofini, wasukuma ethi uzwa usawoti ukuthi ukaleke kahle yini. Hawu, ngithi uzozwa ngesobho, uZinhle ndini wadumela iqatha! Maye! 😲 Ngathula nje ngambuka, wabe esethi: “Hhayi, ukaleke kahle .”
Duku duku, wasukuma ethi uzwa ukuthi awakavuthwa yini amazambane, nakhona wabuya neqatha! Kodwa Jesu ungishiyelani! 🙆🏽♂️ 😲 Wathi: “Hhayi, akukalungi.”
Uthe esuka lapho waqonda efrijini lami lika-R2700, wakhipha i-apula lami wazolala phezu kombhede wami WALINAPHAZA. 😪 Uyezwa ngithini? Ngithi walinaphaza! Uthe esesukuma wathi: “Hhayi shame, uma ingakathambi le nyama ngeke iphinde.”
Wavula waphinde wadonsa iqatha. 😭 😭 Weeeeee! Ngivele ngaphumela emnyango ngigijima ngafika emva kwendlu ngahlala phansi nganaba, zavele zehla izinyembezi.
Ngimalile, angeke ngiphinde! 😭
Engabe ushay ishlama sekujwayela kabi