Sub Categories

NdinguManelisi Dubase wendaba zeSABC, eBhayi.

Wena ungubani?



Niyangichaza uma senintshontsha ama-post bese nithi ‘feeling crazy’. 😎

Yini? Nihlanyiswa ukweba? 🤨

Uboleke umuntu iskibha seLacoste, asifuthe nge-spray kuze kufe uxamu.


Abanye abantwana bane-stress se-registration nesemisebenzi, wena une-stress se-Valentine’s Day nendoda engakufuni.

Le nto kaDuduzane Zuma izodlula, nibobuza uKwesta, ubhodla yedwa manje. 😏


I was disappointed, I thought I was going to get rid of a pizza box at the door, I can’t be seen by anyone! But it doesn’t matter, I have followed it. I will try again tomorrow.


Lathini kuwe ijuba sebelicuthile phambili? Kimi lafona lathi: “Bengikubulisa, phela asixabananga.

“Isikole esinjani sona lesi?” 🤨

Kusho mina ngihlulwa i-homework yengane.


Angilele ngiyacabanga la, why ilayisi libuya linjalo uma uhlanza kodwa ube uhlafunile?


Umfundisi uDube wayedlala igalofu noMdelwa ngenye imini, ngebhadi uMdelwa kwakungamlungeli kwigalofu. Kwakuthi lapho egeja umgodi athi, “Shit, ngageja!”

Baqhubeka badlala, kwathi emva kwezikhawu eziningana elokhu esho kanjena uMdelwa lapho egeja umgodi; wahluleka ukuzibamba umfundisi uDube wathi, “Ngicela ungakhulumi kanjalo mzalwane, ngale kwalokho uNkulunkulu uzokujezisa.”

Axolise uMdelwa umdlalo uqhubeke. Kwathi eqeda kuxolisa nje waphinde wageja komunye umgodi, wase ephahlukile, “Shit, ngageja futhi!”

Wayelokhu esho kanjalo emigodini emithathu elandelayo. Wayeseqala ukuthukuthela okaDube manje ngenxa kaMdelwa wase ethi, “Ngicela ungizwe kahle mzalwane, luyeke njengamanje lolu limi olukhulumayo. UNkulunkulu uzokuzwa bese ekujezisa!”

Lokho akuwenzanga umehluko, uMdelwa wageja umgodi olula ibhola legalofu liseduze nomgodi. “Shit! Ngageja futhi.”

Ngawo lowo mzuzu kwavuleka isibhakabhaka kwaphuma umbani washaya umfundisi uDube waphangalala khona lapho.

Makhathaleni kwezwakala izwi elikhulu esibhakabhakeni lathi, “Shit, ngageja!”

Uzwe omakhelwane bexabana😭 uthi uvula iwindi bathi “surprise Ndabeni”


Find the person you can act freely with him